Kunomehluko phakathi kokwehlulela uma kunengxabano nokusiza izinhlangothi ezithintekayo engxabanweni ukuze ixazululwe.
Uma kwahlulelwa, umuntu ongesiyo ingxenye yengxabano uyena othatha isinqumo mayelana nengxabano futhi leso sinqumo kumele sibhekiswe ezinhlangothini ezithintekayo.
Uma umuntu ongesiyo ingxenye yengxabano esiza lezo zinhlangothi ukusombulula ingxabano, lokho sikubiza ngokuthi ukulamula noma ukuxolelana.
Uma izinhlangothi ezithintekayo zisombulula izinkinga zazo ngaphandle kokugxambukela komuntu wesithathu, lokhu kuba umphumela wenqubo yezingxoxo phakathi kwezinhlangothi ezimbili.
Izikhulu zomthetho ezinkantolo zithola amandla okwahlulela ngokuthi ziqokwe ngokuhlinzeka komthetho.
Kuyenzeka futhi ukuthi lezo zinhlangothi ezithintekayo engxabanweni ukuthi zilethe izingxabano zazo ukuze zahlulelwe kumuntu ezivumelana ngaye ukuthi abe umahluleli. Ezivumelwaneni eziningi izinhlangothi zifaka isigejana samagama ezivumelana ngawo ukuthi noma yiyiphi ingxabano eba khona phakathi kwabo evela esivumelwaneni sabo iyohanjiswa kumlamuli. Umlamuli angabizwa ngegama noma isigejana samagama singaveza indlela okuyokhethwa ngayo umlamuli, isibonelo ummeli ukhethwa yiNhlangano yezomThetho.
Isivumelwano sokuya kumlamuli akudingekile ukuthi size sibe ngesiqinisekisiwe. Emphakathini othile, noma emndenini kungaba khona isivumelwano sokuthi ingxabano iyohanjiswa isiwe kumholi womphakathi noma umholi womndeni ngoba lokho kuyisiko osekunesikhathi lilandelwa.
Ingxabano enqunywa yisikhulu sezomthetho esikhethwe umbuso.
Izinhlangothi ezithintekayo azikwazi ukuzikhethela ukuthi kufanele kube ngubani isikhulu sezomthetho.
Inqubo igunyazwa yimithetho, imitheshwana noma isiko lasenkantolo.
Kungaba nzima ezinhlangothini ezithintekayo ukuqhubeka ngaphandle kokwethulwa komthetho.
Isinqumo kumele njalo sihambisane nesibonelo esilandelwayo.
Isinqumo siqinisekiswa yinqubo esemthethweni noma engekho emthethweni.
Isinqumo singavama ukuthathwa ngokuthi kufakwe isicelo enkantolo ephakeme.
Izinqumo zenkantolo encane zingathathwa ngokuthi zicutshungulwe.
Kujwayeleke ukuthi kube nomphumela wokunqoba/ukwehluleka.
Lowo olahlwe yicala ukhokha izindleko ezivezwe ukusetshenziswa kwabameli.
Azikho izindleko zenkantolo ezikhokhwa ekuqaleni ngaphandle kwezitembu.
Qaphela: inkantolo encane yehlukile ngokuthi inqubo inquisitorial futhi izinhlangothi ezithintekayo akuphoqelekile ukuthi zimelwe ngabameli.
Izinhlangothi ezithintekayo zikhetha umahluleli (umlamuli).
Umahluleli kungaba umuntu onolwazi olunzulu kulowo mkhakha.
Izinhlangothi ezithintekayo zinokuzikhethela njengenqubo yakhona.
Isidingo sokuthi kwethulwe ngokomthetho siyoya ngokuthi yiyiphi inqubo ekhethiwe.
Isinqumo kufanele senziwe kube umyalelo wenkantolo ukuze sisebenze kahle.
Asikho isicelo esiyofakwa enkantolo- kungavunyelwana ngokuthi kufakwe isicelo ngabanye abalamuli.
Isinqumo singathathwa ngokucutshungulwa yiNkantolo eNkulu.
Kujwayeleke ukuthi kube nomphumela wokunqoba/ukwehluleka.
Lowo olahlwe yicala ukhokha izindleko ezivezwe ukusetshenziswa kwabameli.
Inkokhelo yabalamuli iyokhokhwa yizinhlangothi ezithintekayo.
Izinhlangothi ezithintekayo zizisombululela inkinga ngokwazo.
Alukho usizo lokusombulula inkinga oluvela kumuntu wesithathu.
Inqubo ilawulwa yizinhlangothi ezithintekayo.
Uhlangothi ngalunye oluthintekayo lungasebenzisa abeluleki bezomthetho, kodwa lokho akudingekile.
Umphumela uncike emandleni kanye nasekhonweni lezinhlangothi ezithintekayo.
Azikho izindleko zomthetho ngaphandle kwezindleko zomeluleki wezomthetho uma esetshenzisiwe.
Izinhlangothi ezithintekayo zizisombululela inkinga ngokwazo.
Umuntu wesithathu uyasiza ukusombulula inkinga.
Inqubo ilawulwa umlamuli ngokuthi abonisane nezinhlangothi ezithintekayo.
Abeluleki bezomthetho bohlangothi ngalunye oluthintekayo abadingeki uma kwenziwa lolu hlelo.
Umphumela ungaba yisifiso somlamuli kodwa akuyena othatha isinqumo.
Umphumela esikhathini esiningi kuba wukunqoba/ukunqoba.
Izinhlangothi ezithintekayo zikhokha izindleko zomlamuli uma zikhona.
Le yindlela lapho okudingeka khona umuntu wesithathu, umlamuli/umuntu oletha uxolo, ukusiza izinhlangothi ezithintekayo ukuthi zisombulule izinkinga zazo. Ingachazwa njengokuxoxisana okusizanwayo kukho.
Kuyancomeka ukuthi ukulethwa kwenkinga phambi komlamuli yizinhlangothi ezithintekayo kube ngokungaphoqiwe, kodwa ngokomthetho, isiko noma isivumelwano kungadingeka ukuthi izinhlangothi ezithintekayo zihambise inkinga yazo kumlamuli.
Kuyancomeka ukuthi umlamuli kube umuntu omukelekile kuzo zombili izinhlangothi ezithintekayo, umuntu ongahlangene nganoma ngayiphi indlela nanoma yiluphi uhlangothi oluthintekayo noma nenkinga. Umlamuli kumele angathathi amacala.
Umlamuli akazithatheli izinhlangothi ezithintekayo izinqumo. Umsebenzi womlamuli ukusiza izinhlangothi ezithintekayo ukuthi zizisombululele inkinga yazo ngokwazo.
Umlamuli kumele alwele ukuthi zombili izinhlangothi ezithintekayo ziyanqoba ukuze lungabi bikho uhlangothi olugcina luhluliwe. Lokhu kubaluleke kakhulu uma izinhlangothi ezithintekayo zinobudlelwano obuqhubekayo ngoba ubuhlungu obungazwiwa yilolo hlangothi oluhluliwe bungenza ukuthi bungabibikho ubudlelwano obuhle.
Awukho umthetho olawula ukulamula kodwa izinhlobo ezithile zokulamula sekuya ngokuya zihlinzekwa umthetho, isibonelo izinxushunxushu zabasebenzi zihlinzekwa umThetho owengamele ezabaSebenzi bese kuthi izinxushunxushu zezindawo phakathi kwezinhlaka zombuso zihlinzekwe umThetho wezokuPhathwa kweziNdawo we-1998. Uma ungekho umthetho othile oqondene, inqubo kanye nokukhethwa komlamuli kuba sezandleni zezinhlangothi ezithintekayo. Isivumelwano sokulamula singenziwa uma kuba nenxushunxushu, noma izinhlangothi ezithintekayo uma zibona ukuthi kungasekube nenxushunxushu phakathi kwazo esikhathini esizayo, bese ziyavumelana ngokuthi leyo nxushunxushu kumele kubhekanwe nayo ngokuthi kufunwe umlamuli.
Isivumelwano sokuhambisa inkinga kumlamuli akudingeki ukuthi sibhalwe phansi, kodwa isivumelwano esibhalwe phansi singaba usizo ngoba sisiza ukubeka obala yonke inqubo elandelwa yilabo ababambe iqhaza.
Umlamuli unomsebenzi wokuthi aqinisekise ukuthi uyazigcina izimfihlo zezinhlangothi ezithintekayo. Ngeshwa, umThetho waseNingizimu Afrika awubaniki abalamuli ilungelo lokwenqaba ukuveza ubufakazi enkantolo ngolwazi abaluthole ngesikhathi belamula. Uma kuqhutshwa izinto zomphakathi ilungelo elisebenza kuzo zonke izinhlobo zokuxhumana ezisetshenziswa ukuqeda izinxushunxushu lingasetshenziswa. Izinhlangothi ezithintekayo zingakusebenzisa lokho ngokuthi zivume ukuthi zonke izinhlobo zokuxhumana eziyingxenye yenqubo yokulamula ezingayisebenzisa. Uma kubhekwa ubulelesi ilungelo elinjalo angeke lisebenze uma umlamuli ebizwa ukuthi azothula ubufakazi.
Ngokuvamile, ngokomthetho umlamuli akudingekile ukuthi abe neziqu ezithile zemfundo, kodwa kubalulekile ukuthi umlamuli ayiqonde kahle imigomo ephathelene nokulamula kanjalo nemithetho eyengamele ukuziphatha njengomthetho obizwa ngokuthi yi 'audi alterem partem'.
